Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 21:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ake usibuzele kuJehova, ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Ake usibuzele kuSimakade, ngokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, usihlasele. Mhlawumbe uSimakade angasenzela njengakuzo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, ayeke ukumelana nathi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Siceleleni uJehova; ngokuba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, uyalwa nathi; uma uJehova esenza kithi njengezimangaliso zakhe zonke, ukuze asuke kithi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 21:2
44 Referans Kwoze  

USedekiya inkosi wathuma uJehukali, indodana kaShelemiya, noZefaniya, indodana kaMahaseya, umpristi, kumprofethi uJeremiya, wathi: “Ake usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu.”


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Niyakusho kanje enkosini yakwaJuda eyanithuma kimi ukubuza kimi, nithi: ‘Bheka, impi kaFaro ephume ukunisiza iyakubuyela eGibithe, izwe lakubo.


USamuweli wathi kuSawule: “Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihluphekile kakhulu, ngokuba amaFilisti ayalwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.”


USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.


“Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.


“E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo


UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna ekamu* lenkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba.


Kepha ingelosi kaJehova yathi ku-Eliya waseThishibi: “Suka ukhuphuke ukuhlangabeza izithunywa zenkosi yaseSamariya, uthi kuzo: ‘Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa-Israyeli ukuba niye nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na?’ ”


Babuye babuza uJehova ukuthi: “Usezakufika lowo muntu na?” UJehova waphendula wathi: “Bheka, ucashile empahleni.”


Abantwana bakwa-Israyeli babuza kuJehova ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku;


Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.


Ncengani kuJehova, ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.”


Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBabele, naseKhutha, nase-Ava, naseHamati, naseSefarivayimi, yabahlalisa emizini yaseSamariya esikhundleni sabantwana bakwa-Israyeli; badla iSamariya, bahlala emizini yalo.


Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Wathi uJehova: “Ngiyakukukhulula kube kuhle; impela ngiyakwenza ukuba isitha sikunxuse ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.


UJeremiya wathi kubo: “Niyakusho kanje kuSedekiya, nithi:


uSedekiya inkosi wathumela wamlanda; inkosi yambuza ngasese endlini yayo, yathi: “Kukhona izwi elivela kuJehova na?” UJeremiya wathi: “Likhona.” Wathi futhi: “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele.”


Ingozi iyakwelanywa yingozi, umbiko ulandele umbiko; bayakufuna umbono womprofethi, kepha umthetho uyakuphela kumpristi nesiluleko kuwo amalunga.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, nayo yonke imibuso yomhlaba ebuswa yisandla sakhe, nabantu bonke belwa neJerusalema nayo yonke imizi yalo, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite