Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 20:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Njalo uma ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhujiswa; impela izwi likaNkulunkulu seliphenduke ihlazo kimi, nenhlekisa usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba kusukela ekukhulumeni kwami ngiyakhala, ngobudlova nokuphanga; ngokuba izwi likaJehova lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi imihla yonke.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 20:8
26 Referans Kwoze  

Ngiyakukhuluma kubani, ngifakaze ukuba bezwe, na? Bheka, izindlebe zabo azisokile, abanakulalela; bheka, izwi likaNkulunkulu seliyihlazo kubo, abathokozi ngalo.


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu.


Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe.


ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.


Wayesephendula omunye wezazimthetho, wathi kuye: “Mfundisi, ngokusho lokho uyasijivaza nathi.”


Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, nangokubi, nangesifo.


Wangiyenga, Jehova, ngayengeka; wawunamandla kunami, wangahlula. Ngibe yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela.


Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”


“ ‘Niyakweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nimshisele uBali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabazanga,


Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.


“Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.


Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.


Uyazi wena Jehova; ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ngokubekezela kwakho; yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na? Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami; kukhona ukulwa, ukuxabana kuyaqhamuka.


Wenyuka lapho, waya eBethele; esenyuka endlelni, kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye: “Yenyuka wena mpandlandini! Yenyuka wena mpandlandini!”


Nidlala nobani, nikhamisela bani umlomo, ninyalizela bani, na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite