Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 20:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wangiyenga, Jehova, ngayengeka; wawunamandla kunami, wangahlula. Ngibe yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Jehova, ungikhohlisile, ngavuma ukudukiswa; Unamandla kunami, unqobile; Ngihlekisa nsuku zonke, wonke umuntu uyangihlekisa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 20:7
32 Referans Kwoze  

Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;


Sengingohlekwayo kubantu bonke, ngihaywa usuku lonke.


UMoya wayesengiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ngokufutheka komoya wami; isandla sikaJehova saba namandla phezu kwami.


Lapho ngithi: “Angisayikumkhumbula, ngingasakhulumi egameni lakhe,” kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.


abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;


Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na?


Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.”


Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo,” ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.


Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.


AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela.


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe.


‘UJehova ukubeke umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe yizinduna zabo bonke abantu abahlanyayo nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini* nasemaketangeni;


Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi; okwaphuma emlonyeni wami kwakuphambi kobuso bakho.


Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?


Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.


Wenyuka lapho, waya eBethele; esenyuka endlelni, kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye: “Yenyuka wena mpandlandini! Yenyuka wena mpandlandini!”


Ngiyisigcono somngane wami, ngowambiza uNkulunkulu, waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono.


Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.


Inkosi uSedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyesaba abaJuda abahlubukele kumaKaledi, funa nginikelwe esandleni sabo, bangiklolodele.”


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;


“Manje sengihaywa yibo, yebo, sengiyisaga sabo.


Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite