Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 20:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa; uyakufika eBabele, kepha uyakufela khona, umbelwe khona, wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Wena, Phashuri, nabo bonke abahlala endlini yakho, niyakuthunjwa. Uyakuya eBhabhele, kodwa uyofela khona, ungcwatshwe khona, wena nabo bonke abangani bakho ophrofethe kubo amanga.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wena-ke Phashuri, labo bonke abahlala endlini yakho, lizathunjwa; futhi uyofika eBhabhiloni, futhi uyofela khona futhi ungcwatshwe khona, wena nabo bonke abangane bakho owaprofetha kubo amanga.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 20:6
25 Referans Kwoze  

Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize nobuwula; abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho. Kepha bakubonele iziprofetho eziyize nezikhohlisayo.


Abaprofethi bawo babanamekele ngodaka olungavuthiwe, bebona okuyize, bebabhulela amanga, bethi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova,’ noma uJehova engakhulumanga.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.


Kuyakuthi uma kusaprofetha umuntu, uyise nonina abamzalayo basho kuye ukuthi: ‘Awuyikuphila, ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova,’ uyise nonina abamzalayo bamgwaze esaprofetha.


Uma bekuhambahamba umuntu okhuluma umoya nje namanga, athi: ‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.


ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakumhambela uShemaya waseNehelamu nenzalo yakhe; akayikuba namuntu oyakuhlala phakathi kwalaba bantu, angaboni okuhle engiyakwenzela khona abantu bami, usho uJehova, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”


Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu,” usho uJehova.


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


“UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


UPhashuri indodana ka-Imeri umpristi owayengumbonisi omkhulu endlini kaJehova wamuzwa uJeremiya eprofetha ngalezo zinto.


Ngase ngithi: “E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: ‘Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela, kepha ngiyakuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.’ ”


Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite