Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 20:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngizokwenza uzesabe wena luqobo, wesatshwe nayibona bonke abangani bakho. Bayokuwa ngenkemba yezitha zabo, ubuka ngawakho amehlo, uJuda wonke ngiyakumnikela esandleni senkosi yaseBhabhele; iyobathumbela eBhabhele, ibabulale ngenkemba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwenza ukuba ube yingebhe kuwe nakubangane bakho bonke; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho abone; ngiyakumnikela wonke uJuda esandleni sami. Yenkosi yaseBhabhiloni, futhi iyobayisa ekuthunjweni eBhabhiloni futhi ibabulale ngenkemba.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 20:4
22 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngo-Ahabi indodana kaKholaya nangoSedekiya indodana kaMahaseya abaprofetha amanga kini egameni lami, uthi: “Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele; uyakubabulala phambi kwamehlo enu.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.’ ”


Ningaphumeli endle, ningahambi endleleni, ngokuba isitha sinenkemba, navalo nxazonke.


Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.


Abulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe, akhipha amehlo kaSedekiya, ambopha ngamaketanga, amyisa eBabele.


Kepha angiyikumnquma umuntu wakho e-altare lami ukuba aqede amehlo akho, abangele usizi umphefumulo wakho; yonke inzalo yendlu yakho iyakufa isebudodeni bayo.


Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.


Imizi yaseningizimu ivaliwe, akakho ovulayo; wonke uJuda uthunjiwe, uthunjiwe ngokupheleleyo.


Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa; uyakufika eBabele, kepha uyakufela khona, umbelwe khona, wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga.’ ”


Ngikuboneleni na? Baphelile amandla, babuyele emuva. Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva; luvalo nxazonke,” usho uJehova.


Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite