Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 20:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UPhashuri wamshaya uJeremiya, umphrofethi, wamfaka ejele elalingasesangweni elingenhla kwakwaBhenjamini, ngasendlini kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Khona-ke uPhashuri wamshaya umprofethi uJeremiya wamfaka esitokisini esasisesangweni eliphakeme lakwaBhenjamini elalisendlini kaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 20:2
30 Referans Kwoze  

Lapho esesangweni lakwaBenjamini, kwakukhona lapho inkosi yabalindi egama layo lalingu-Iriya indodana kaShelemiya kaHananiya; yambamba uJeremiya umprofethi, yathi: “Uyahlubukela kumaKaledi.”


Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala, kuze kube seSangweni Lasegumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.


Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”


U-Asa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi,* ngokuba wamfutha ngenxa yale nto. U-Asa wabadlova nabathile babantu ngaleso sikhathi.


Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi, noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka-Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.


‘UJehova ukubeke umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe yizinduna zabo bonke abantu abahlanyayo nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini* nasemaketangeni;


Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.


uthi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”


Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.


Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


Base bebabiza abaphostoli, babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.


babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso.


bababamba, babafaka etilongweni kwaze kwaba kusasa, ngokuba kwase kuhlwile.


“Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe.


Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo bonke abantu, abapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: “Uyakufa nokufa.


ufaka izinyawo zami ezingongolweni, uqaphela zonke izindlela zami, uzidwebela umudwa ngasematheni ezinyawo zami,


USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?”


Ufaka izinyawo zami ezingongolweni, aqaphele zonke izindlela zami.


Kwathi inkosi isizwile izwi lalowo muntu kaNkulunkulu alibiza ngalo i-altare laseBethele, uJerobowamu waselula isandla sakhe ese-altare, wathi: “Mbambeni.” Kepha isandla sakhe aselulela kuye sashwabana, akaba namandla okusibuyisela kuye.


Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto, zakhuphuka endlini yenkosi, zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova.


USedekiya inkosi wayeseyala ukuba bambeke uJeremiya egcekeni letilongo, bamnika imihla ngemihla iqebelengwane lesinkwa livela esiTaladini Sabaphekizinkwa, kwaze kwaphela isinkwa sonke emzini. UJeremiya wahlala-ke egcekeni letilongo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite