Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Futhi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane, ezweni eliyihlane nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa. Lapho kungazange kudlule muntu khona nalapho kungazange kuhlale muntu khona?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:6
26 Referans Kwoze  

“Wamfumana ezweni eliyihlane, nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.


“Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu, nomsindisi akakho ngaphandle kwami.


isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.”


UJehova wakhuphula u-Israyeli eGibithe ngomprofethi, wagcinwa ngomprofethi.


Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’ nokho bafunga amanga.”


Abapristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaprofethi baprofetha ngoBali, balandela okungenakusiza.


“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.


Kwakungekho owalibiza igama lakho, owazivusela ukubambelela kuwe, ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo, ngeminyaka yaphakade.


Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.


Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami, ozwakalisa amahubo ebusuku,


Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona, kuhlale ifu phezu kwalo; okwenza mnyama usuku makulwesabise.


Wayithatha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, washaya amanzi, wathi: “Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na?” Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela.


UGideyoni wathi kuyo: “O nkosi yami, uma uJehova enathi, konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: ‘UJehova akasikhuphulanga eGibithe na?’ Kepha manje uJehova usilahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.”


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


“Sasuka eHorebe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi Barineya.


Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.


Imizi yalo ichithekile; yizwe elomileyo, nehlane, izwe elingahlalwa muntu, kungadluli kulo indodana yomuntu.


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.


Zimphikile uJehova, zathi: “Hhayi yena! Okubi akuyikusehlela, asiyikubona inkemba nendlala.


“Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite