Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Usho kanje uJehova, uthi: “Ububi buni oyihlo ababufumene kimi, baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Usho kanje uSimakade, uthi: “Bubi buni oyihlo ababufumana kimi, ukuba baze badede babe kude nami, balandele okuyize, baphenduke ize nabo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Usho kanje uJehova, uthi: “Buni ububi oyihlo ababufumana kimi, baze basuka kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:5
24 Referans Kwoze  

Badelela izimiso zakhe, nesivumelwano sakhe asenzayo nawoyise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza, uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.


ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.


“Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.


Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.


Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke; izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza; ofakazi babo ababoni, futhi abazi; bayakujabhiswa.


yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize.


Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.


bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


“Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova. “Bengiyihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye, na? Basholoni abantu bami ukuthi: ‘Sesidlubulundile, asisayikubuyela kuwe,’ na?


‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


“Ndodana yomuntu, abafowenu, yebo, abafowenu abayizihlobo zakho nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bonke abakhileyo eJerusalema abashilo kubo ukuthi: ‘Dedani kuJehova; leli zwe linikiwe thina libe yifa.’


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.


Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,


Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo, enikude nokulunga.


Zwanini izwi likaJehova nina ndlu kaJakobe, nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.


Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami livela ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Ayikho inkosi yalo kulo na?” “Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?”


ukuze ngibambe indlu yakwa-Israyeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite