Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, kungabi ngukuthi ubafumene befohla. Kepha kukho konke lokhu

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Emiphethweni yezingubo zakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, nanxa ungazange ubabhadame begqekeza. Phezu kwakho konke lokho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Esigqebheni sakho kwafunyanwa igazi lemiphefumulo yabampofu abangenacala;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:34
22 Referans Kwoze  

Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala, waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.


Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala,


nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.


“Uma isela lificwa lisafohla, lishaywe lize life, akuyikuba yicala legazi maqondana nalo.


“ ‘Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo; wazibeka edwaleni eliyinyabule; akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.


Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla. Mina ngiyakubuzwa yinina, nina ndlu yakwa-Israyeli, na? Qha, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.


Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo, engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka,” usho uJehova.


Izinyawo zabo zigijimela ebubini, bashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yobubi; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.


nina enisha phakathi kwama-oki* phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?


Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi, neminwe yenu ububi; izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.


Ulungisa kahle kanjani indlela yakho ukufuna uthando! Ngalokho nabesifazane ababi ubafundisile izindlela zakho.


uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini, bengcolile ngegazi ngangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo.


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’


Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.


“Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo, uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.


Abantu abalungileyo bayakubahlulela ngokwahlulelwa kweziphingikazi nangokwahlulelwa kwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingikazi, negazi lisezandleni zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite