Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Njengesela linamahloni, lapho selifunyenwe, kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni, bona kanye namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 “Njengesela linxothoza lapho selibanjiwe, iyakuba njalo nendlu yakwa-Israyeli; iyokuba namahloni, yona namakhosi ayo, izikhulu zabo, abaphristi babo, nabaphrofethi babo

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Njengalokhu isela lijabha lapho lifunyanwa, kanjalo indlu yakwa-Israyeli inamahloni; bona, namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo,

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:26
18 Referans Kwoze  

ngenxa yakho konke okubi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzileyo ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo, namadoda akwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.


Kusukela ezinsukwini zawobaba kuze kube namuhla sinecala elikhulu; ngenxa yezono zethu sanikelwa thina namakhosi ethu nabapristi bethu ezandleni zamakhosi abezizwe enkembeni, nasekuthunjweni, nasekuphangweni, nasemahlonini obuso njenganamuhla.


Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa.


U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na? Wafunyanwa phakathi kwamasela, njengokuba, lapho ukhuluma ngaye, unikina ikhanda, na?


Usheshelani kangaka ukuyiguqula indlela yakho na? Uyakujabha nangeGibithe, njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.


“Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo, niyangaze ngamasimu enawakhethayo.


ukuba uthwale ihlazo lakho, ujabhe ngenxa yakho konke okwenzileyo, ube yinduduzo kubo.


Abapristi bawo badlovile umthetho wami; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo.


‘Ngiyakusiphumisa,’ usho uJehova Sebawoti, ‘singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.’ ”


Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.


Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke; izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza; ofakazi babo ababoni, futhi abazi; bayakujabhiswa.


Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha, nezisebenzi zingabantu nje. Mabahlangane bonke, beme; bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “inhliziyo yenkosi iphele kanye nezinhliziyo zezikhulu; abapristi bayakumangala, abaprofethi bethuke.”


Umoya uyakubalusa bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni, ujabhe ngabo bonke ububi bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite