Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Mangalani ngalokho, mazulu, nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Mangalani ngalokho, mazulu, nithuthumele, nibe yincithakalo yoqobo,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Mangalani, nina mazulu, ngalokho, nesabe kakhulu, nifutheke kakhulu,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:12
10 Referans Kwoze  

Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.


Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe, uyakumelana nabo.


Lizwe, lizwe, lizwe, yizwa izwi likaJehova.


Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo, ngokuba abaqaphelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


“Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.


Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Ngabuka umhlaba; bheka, wawuyize, wawungenalutho, nezulu lalingenakukhanya.


Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthiseni, niphuphutheke; badakiwe, kepha kungengewayini, bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi ngubani owake wezwa okunjengalokho na? Intombi yakwa-Israyeli yenzile into eyesabekayo kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite