Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Isizwe sike senana ngawonkulunkulu abangesibo onkulunkulu na? Kepha abantu bami benanile udumo lwabo ngokungenakusiza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Isizwe sake sabalahla yini onkulunkulu baso, noma bengesibo onkulunkulu na? Kepha isizwe sami silulahlile udumo lwaso ngokungenanzuzo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Isizwe sishintshile yini onkulunkulu baso, abangebona onkulunkulu na? kepha abantu bami banana udumo lwabo ngalokho okungasizi ngalutho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:11
23 Referans Kwoze  

nenkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo bayiguqula ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo.


alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.


Umuntu angazenzela onkulunkulu na? Labo abasibo onkulunkulu.”


Baguqula kanjalo inkazimulo yabo, yaba njengenkabi edla utshani.


Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


Abapristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaprofethi baprofetha ngoBali, balandela okungenakusiza.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ububi buni oyihlo ababufumene kimi, baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?


Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.


Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide,


Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo;


Wamqamba umntwana ngokuthi u-Ikabodi,* ethi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli,” ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa kayisezala wakhe nomyeni wakhe.


Anixoshanga yini abapristi bakaJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi, nazenzela abapristi ngendlela yabantu bezizwe; bonke abafika ukwahlukaniselwa, bephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, bangaba ngabapristi babangesibo onkulunkulu.


“Ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi ngubani owake wezwa okunjengalokho na? Intombi yakwa-Israyeli yenzile into eyesabekayo kakhulu.


“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo, ningahambi ngezimiso zami, ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo,


ukuze ngibambe indlu yakwa-Israyeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.’


Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.


Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.


ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.


Kepha ingelosi kaJehova yathi ku-Eliya waseThishibi: “Suka ukhuphuke ukuhlangabeza izithunywa zenkosi yaseSamariya, uthi kuzo: ‘Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa-Israyeli ukuba niye nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na?’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite