Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Dlulani eziqhingini zaseKitimi, nibone, nithume eKedari, niqonde kahle, nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Welelani eziqhingini eKhithimi, nibone, thumelani eKhedari, niqonde kahle, nibone ukuthi yake yenzeka yini into enjengalena na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba dabulani eziqhingini zaseKitimi, nibone; nithumele eKedari, nilalelisise, nibone ukuthi ikhona yini into enjalo;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:10
21 Referans Kwoze  

Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMesheke, ngihlezi ematendeni akwaKedari.


Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.


Imikhumbi yaseKitimi iyakuyisukela; bese idabuka, ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.


Ngama-oki* aseBashani benzile amaphini akho; indeki* yakho bayenzile ngophondo lwendlovu, lufakelwe emthini womkhoba ovela eziqhingini zaseKitimi.


Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,


Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli, bebane.


UDavide wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe yinkosi kwa-Israyeli.


Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noRodanimi.


Kwathi bonke abakubonayo bathi: “Akuzange kwenziwe okunjalo, akuzange kubonwe kusukela osukwini abantwana bakwa-Israyeli abakhuphuka ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla; zindlani ngalokho, nilulekane, nikhulume.”


Imikhumbi iyakuvela ogwini lwaseKitimi, imhluphe u-Ashuri, imhluphe u-Ebere, naye aye ekubhujisweni.”


Lawa angamagama amadodana ka-Ishmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,


Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”


Wathi: “Awusayikujabula wena ntombi ehlazisiweyo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKitimi; nalapho awuyikuthola ukuphumula.”


NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele. Usho kanje uJehova, uthi: “Sukani, nikhuphukele eKedari, nichithe abantwana basempumalanga.


“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo, ningahambi ngezimiso zami, ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo,


Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, athathe eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.


Isiprofetho ngeTire. Klewulani nina, Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba lichithekile; indlu ayisekho, nokungena akusenakwenzeka; kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.


Wathatha ezingutsheni zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezingamagqabhagqabha, wafeba kuzo, okungazange kwenzeke nokungasoze kwenziwa.


“ ‘I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zazingabathengi besandla sakho; zazingabathengi bakho ngamawundlu, nangezinqama, nangezimpongo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite