Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 19:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Futhi ngiyobenza badle inyama yamadodana abo nenyama yamadodakazi abo, futhi bayodla, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe ekuvinjezelweni nasekucindezelekeni izitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo eziyobashaya ngakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 19:9
10 Referans Kwoze  

Umuntu uyahlwitha ngakwesokunene, abe esalambile nokho, adle ngakwesokhohlo, kepha angasuthi; bayakudla, kube yilowo nalowo inyama yengalo yakhe,


Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.


Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.


“Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?


Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”


Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.


“Nkosi yami, nkosi, laba bantu benzile okubi ngakho konke abakwenzile kuJeremiya umprofethi, abamphonsile emgodini; uyakufela endaweni lapho ekhona ngokulamba, ngokuba akusekho ukudla emzini.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite