Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 19:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo; bonke abadlula khona bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakwenza lo muzi ube yihlane nenhlekisa; wonke umuntu odlulayo uyomangala futhi aklolodelwe ngazo zonke izinhlupho zakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 19:8
14 Referans Kwoze  

benze izwe labo libe yisimangaliso nento encimfelwayo njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”


Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’


Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile, owathi enhliziyweni yawo: Mina ngikhona, akakho omunye; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa, banikine isandla sabo.


Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu, kepha liyakuba yincithakalo lonke; bonke abadlula eBabele bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.


iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla;


Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.


Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.


“Isizukulwane esizayo, abantwana benu abayakuvela emva kwenu, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakusho, lapho bebona izinhlupheko zaleso sizwe, nezifo uJehova aligulise ngazo,


Abathengi phakathi kwabantu bayakuncimfela; usuyincithakalo; awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite