Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 19:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomlilo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali, engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali, ukuze bashise ngomlilo amadodana abo, abe yiminikelo yokushiswa kuBhali, engingakuyalanga, engingakhulumanga ngakho nokungangenanga enhliziyweni yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukuze bashise amadodana abo ngomlilo abe ngumnikelo wokushiswa kuBali, engingabayalanga ngakho, engingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 19:5
14 Referans Kwoze  

Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.


“ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.


Badabulisa amadodana abo namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaJehova ukumcunula.


“Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuyakuthi ngalolo suku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi.


Ngabangcolisa eminikelweni yabo ngokudabulisa emlilweni konke okuvula izizalo, ukuze ngibachithe, bazi ukuthi nginguJehova.’


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba uthululile amahloni akho, nobunqunu bakho bambulwa ngobufebe bakho nezithandwa zakho, nangenxa yazo zonke izithombe zezinengiso zakho, nangegazi labantwana bakho owabanika lona,


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite