Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 19:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu, esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uphume uye esigodini sendodana kaHinomu esisesikhaleni sesango lasempumalanga, umemezele khona amazwi engizowakhuluma kini:

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 19:2
19 Referans Kwoze  

wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;


Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.


Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.


“Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.”


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.


“Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.”


“Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.


Wayesethi uJehova kimi: “Memeza onke lawa mazwi emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, uthi: ‘Zwanini amazwi alesi sivumelwano, niwenze.


“Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi: “ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.


Hamba umemezele lawa mazwi ngasenyakatho, uthi: “ ‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova; ‘angiyikuninyakamela, ngokuba nginomusa,’ usho uJehova; ‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.


Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.


Emva kwabo kwalungisa uSadoki indodana ka-Imeri malungana nendlu yakhe. Emva kwakhe kwalungisa uShemaya indodana kaShekaniya, umlindi weSango langaseMpumalanga.


“Suka wehlele endlini yombumbi, ngikuzwise khona amazwi ami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite