Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 19:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Izindlu eJerusalema nezigodlo zamakhosi akwaJuda, ziyakungcola njengeThofethi, yebo, nakuzo zonke izindlu abashisele ibandla lasezulwini impepho, phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda ziyongcoliswa njengendawo yaseThofeti, ngenxa yazo zonke izindlu abashunqisela phezu kwazo umusi ukhuphukele kulo lonke ibutho lasezulwini futhi bathululele iminikelo yokuphuzwa kwabanye onkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 19:13
19 Referans Kwoze  

AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele lo muzi ngomlilo, awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.


Ama-altare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika-Ahazi, elenziwe ngamakhosi akwaJuda, nama-altare enziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaJehova inkosi yawadiliza, yasuka yagijima, yalahla uthuli emfudlaneni iKidroni.


nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


Kepha selokhu sayeka ukushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa, siswele konke, siqedwe ngenkemba nangendlala.


Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; bangcolisile ithempeli lakho elingcwele; benze iJerusalema libe yincithakalo.


Zayokhela indlu yakho engcwele; indlu yegama lakho zayidumaza kwaze kwaba phansi emhlabathini.


Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi: “ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?


Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


Yaphahlaza izinsika, yanquma o-Ashera,* yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.


Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha.


Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza no-Ashera,* bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.


baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.


Ngiyakwenze njalo kule ndawo, usho uJehova, nakwabakhileyo kuyo, ngenze lo muzi ube njengeThofeti:


Isiprofetho ngesiGodi Sombono. Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonke ophahleni lwezindlu


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite