Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza, angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu, anganqamuki ukuthela izithelo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Uyakufana nesihlahla esitshalwe ngasemanzini, esimpande zaso sizenabisele ngasemfuleni. Akayukwesaba lapho ebona ukushisa kuza, amaqabunga aso ahlala eluhlaza, ngonyaka wesigagadu awanakukhathazeka, futhi awayeki ukuthela izithelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, onabe izimpande zawo ngasemfuleni, angaboni lapho kufika ukushisa, kepha amaqabunga awo ayakuba luhlaza; futhi ayiyikuyeka ngonyaka wesomiso, futhi ayiyikuyeka ukuthela.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:8
12 Referans Kwoze  

Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.


UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.


Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke, ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”


Yena uluhlaza phambi kwelanga; imixhantela yakhe iyaxhantela ensimini yakhe.


Impande yami iyazivulela amanzi; amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;


Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.


ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.


Ngokuba ngiyakukukhulula nokukukhulula, awuyikuwa ngenkemba, kepha ukuphila kwakho kuyakuba yimpango kuwe, ngokuba ungethembile, usho uJehova.’ ”


Bheka, ungumkhoba, ungumsedari* waseLebanoni; unamagatsha amahle, namaqabunga anomthunzi, nesiqu esiphakemeyo; isihloko sawo siphakathi kwamafu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite