Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane, angaboni ukuthi kuyeza okuhle, uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane, ezweni likasawoti elingahlalwa muntu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Uyakuba njengesihlahla ogwadule, akayukukubona okuhle noma kuza kuye, uyakuhlala ezindaweni ezigagadekile ehlane, ezweni likasawoti okungahlali muntu kulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba uyakuba njengomhlengi ogwadule, angaboni lapho kufika okuhle; kodwa izahlala ezindaweni ezomileyo enkangala, elizweni likasawoti elingelamuntu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:6
17 Referans Kwoze  

Akayikubuka imifula, iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.


Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.


nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe, liyisibabule nosawoti, lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo, lingenambali ekhahlelayo, linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;


Balekani, nisindise ukuphila kwenu, nibe njengesihlahla esiyize ehlane.


engenza ihlane libe yindlu yayo, nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?


Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


U-Abimeleki walwa nomuzi lonke lolo suku; wawuthatha umuzi, wabulala abantu ababekuwo, wawubhidliza umuzi, wahlwanyela usawoti kuwo.


Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyikuphiliswa; kuyakunikelwa kube ngusawoti.


Ngokuba niyakuba njenge-oki* elimaqabunga alo abunile, nanjengensimu engenamanzi.


Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.


Induna inkosi eyencika esandleni sayo yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Bheka, uma uJehova enza amafasitele ezulwini, le nto ingenzeka kanjani na?” Wathi: “Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.”


nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.


ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakumhambela uShemaya waseNehelamu nenzalo yakhe; akayikuba namuntu oyakuhlala phakathi kwalaba bantu, angaboni okuhle engiyakwenzela khona abantu bami, usho uJehova, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite