Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu, ayenze inyama ibe yingalo yakhe, nonhliziyo yakhe isuka kuJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Usho kanje uSimakade, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othembela kubantu, owenza izikhwepha zakhe zibe yisihlangu sakhe, nonhliziyo yakhe isukile kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kumuntu, enze inyama ibe yingalo yakhe, onhliziyo yakhe ifulathele uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:5
16 Referans Kwoze  

Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje, ngokuba babalwa njengantoni na?


okunaye yingalo yenyama; okunathi nguJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.


Bheka, wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibithe; kepha uma umuntu ezimelela ngalo, luyangena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo.


Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.


Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.


Abaphephayo benu bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo, lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.


Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.”


Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango; uJehova wakubona lokho, kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.


Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe u-Asa waba nesifo ezinyaweni zakhe; isifo sakhe sasinzima kakhulu; kepha akafunanga uJehova esifweni sakhe, izinyanga zodwa.


Bayakuphela amandla, babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.


uthi kubo: Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Makaqalekiswe umuntu ongezwa amazwi alesi sivumelwano,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite