Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Intaba yami yasendle, impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Intaba yami ezweni, impahla nengcebo yenu yonke ngiyakukunikela kube yimpango, kanye nezindawo zenu eziphakemeyo ngenxa yezono ezifundeni zenu zonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wena ntaba yami yasendle, ngiyakunikela impahla yakho nengcebo yakho yonke kube yimpango, nezindawo zakho eziphakemeyo ukuba zone kuzo zonke imikhawulo yakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:3
23 Referans Kwoze  

Ngiyakunikela imfuyo yakho nengcebo yakho kube yimpango kungengantengo, ngazo zonke izono zakho emikhawulweni yakho yonke.


“UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Ngiyakukunikela esandleni sazo, zilibhidlize iqhugwane lakho, zizidilize izindawo zakho eziphakemeyo, zikuhlubule izingubo zakho, zithathe izinto zakho ezinhle, zikushiye unqunu, uze.


‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula yamanzi nakuzo izigodi, lithi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba, ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo.


Isitha selulile isandla saso phezu kwakho konke okumnandi kwalo, ngokuba sibonile ukuthi abezizwe bangene endlini yalo engcwele, owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.


Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.


Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu, lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi, nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.


Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo incithakalo; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo, batshale izivini, bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.


Bheka, ngimelene nawe, wena owakhileyo esigodini, wena litshe lasethafeni, usho uJehova, nina enithi: “Ngubani oyakusehlela, ngubani oyakungena ezindlini zethu, na?”


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubenyusela isixuku, ngibanikele ukuba babe yingebhe nempango.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite