Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 abantwana babo besakhumbula ama-altare abo nawo-Ashera* babo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakemeyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Abantwana babo basawakhumbula ama-althare abo nawo-Ashera babo ngasemithini eluhlaza, emagqumeni aphakemeyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lapho abantwana babo bekhumbula ama-altare abo nezixuku zabo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakeme.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:2
15 Referans Kwoze  

Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza o-Ashera* nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo.


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


Abayikubheka ama-altare abo, umsebenzi wezandla zabo, bangabuki okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera* nama-altare empepho.


“Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo, niyangaze ngamasimu enawakhethayo.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera,* wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.


Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.


Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera* babo,


UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi: “Ubonile okwenziwe ngu-Israyeli ohlehlayo na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.


Impela amagquma ayize kanye nomsindo wasezintabeni. Ngokwempela ukusindiswa kuka-Israyeli kukuJehova uNkulunkulu wethu.


Niyakuchitha nokuchitha zonke izindawo, lapho izizwe eniyakuzidla zazikhonza khona onkulunkulu bazo ezintabeni eziphakemeyo, nasemadulini, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite