Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Indawo yendlu yethu engcwele iyisihlalo sobukhosi esinenkazimulo esiphakemeyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Indawo yendlu yethu engcwele, iyisihlalo sobukhosi esikhazimulayo nesiphakemeyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Isihlalo sobukhosi esiphakemeyo kwasekuqaleni siyindawo yendlu yethu engcwele.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:12
13 Referans Kwoze  

Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade; indlu yakwa-Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,


Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.


Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi, isimo saso sinjengetshe lesafire.* Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.


Ungasideleli ngenxa yegama lakho, ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.


“Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo, umsila wengubo yakhe ugcwalisa ithempeli.


“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite