Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 16:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe, abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “Izikhulu nabantukazana bayofela kuleli lizwe, abayukungcwatshwa, abayukulilelwa. Abantu abayukuzisika, abayukuwaphuca amakhanda ngenxa yabo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Abakhulu nabancane bayakufa kuleli zwe; abayikungcwatshwa, futhi abayikuzikhalela, abayikuzisika, bangazenze nqunu ngabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 16:6
20 Referans Kwoze  

“Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, ningaziphuculi phezu kwamehlo enu ngenxa yabafileyo.


Ubumpandla bulehlele iGaza; i-Ashikeloni liphelile, insali yesigodi sabo; uyakuzisika kuze kube nini na?


kwafika amadoda angamashumi ayisishiyagalombili evela eShekemi, naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe, bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova.


“ ‘Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilobi amabala; nginguJehova.


Ngokuba onke amakhanda ayizimpandla, nazo zonke izilevu zigundiwe; zonke izandla zisikiwe, nasezinkalweni zonke kukhona indwangu yamasaka.


Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabizela ukukhala, nokulila, nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,


Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba;


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.


Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi, nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo, nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo, nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi, nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo, nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.


Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Ngokuba bhekani, uJehova uyayaleza: uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu, nendlu encane ibe yizingcezu.


UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo,


Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.


“ ‘Aniyikudilinga amakhanda enu emaceleni; ungoni isilevu sakho emaceleni.


baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite