Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 16:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 “Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 “Bheka, ngiyakuthuma abadobi abaningi,” usho uJehova, “bababambise; ngemva kwalokho ngiyoletha abazingeli abaningi, futhi bayobazingela kuzo zonke izintaba nakuwo wonke amagquma nasemigodini yamadwala.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 16:16
21 Referans Kwoze  

INkosi uJehova ifungile ubungcwele bayo ukuthi: “Bhekani, izinsuku ziyakunehlela lapho niyakususwa ngezingwegwe, nabaseleyo kini ngezindobo.


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noJehova, ngokuba inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa, njengalokhu kuzingelwa intendele ezintabeni.”


Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova; ngalokho kuthiwa: “Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.”


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama, kuhlangane naye ibhere,* noma engena endlini encike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.


Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.


ukuze bangene emihumeni yamadwala nasemifantwini yeziwa ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.


Ziyakufika, ziphumule zonke ezigodini ezineziwa, nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni onke, nasemadlelweni onke.


Umuzi wonke uyabaleka ngenxa yomsindo wabamahhashi nowabemicibisholo; bayangena ezihlahleni, bakhuphukele emadwaleni; imizi yonke ishiyiwe, akakho ohlala kuyo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakuyikhothoza nokuyikhothoza insali yakwa-Israyeli njengomvini; buyisela isandla sakho emaqomeni njengobutha izithelo zomvini.”


Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “luvela kubo bonke abakuzungezayo, nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, kungabikho obutha ababalekileyo.


Bazingela izinyathelo zethu ukuba singahambi ezigcawini zethu. Ukugcina kwethu kuseduze, izinsuku zethu zigcwele, yebo, ukugcina kwethu kufikile.


Lapho ngithanda, ngiyabajezisa; abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.


Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani, ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo, abathi ezinhliziyweni zabo: UJehova akenzi okuhle, akenzi nokubi.


Abasixoshayo babenejubane kunezinkozi zezulu; basizingela ezintabeni, basiqamekela ehlane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite