Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Ngokuba ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na? Ngubani oyakukukhalela? Ngubani oyakuphambukela ukubuza ngempilo yakho na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “Ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na? Ngubani oyakuba nozwelo kuwe na? Ngubani oyakuphambuka ukubuza impilo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngoba ngubani ozakuba lesihawu kuwe, Jerusalema? noma ngubani oyakulila? noma ngubani oyophuma ukubuza ukuthi unjani?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:5
15 Referans Kwoze  

Lokhu kokubili kukwehlele; ngubani okukhalelayo na? Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa, ukulamba nenkemba, ngubani ongakududuza na?


Kuyakuthi bonke abakubonayo bakubalekele, bathi: ‘INineve lichithekile, ngubani oyakulililela na?’ Ngiyakukufunelaphi abaduduzi na?”


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami, ngigula kakhulu; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ungangeni endlini yesililo, ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu,” usho uJehova, “kanye nomusa nobumnene.


Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”


Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.


UDavide wathuma izinsizwa eziyishumi; uDavide wathi kuzo izinsizwa: “Khuphukelani eKarmeli, niye kuNabali, nimbingelele egameni lami,


UDavide washiya impahla yakhe esandleni somlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo.


bayakukubingelela, bakunike izinkwa ezimbili oyakuzamukela ezandleni zabo.


Baphambuka khona, bafika endlini yensizwa yomLevi, endlini kaMika, bayibuza impilo.


UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.


ISiyoni liyelula izandla zalo, akakho oliduduzayo. UJehova uyalile ngoJakobe ukuba abamzungezayo babe yizitha zakhe. IJerusalema linjengesinengiso phakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite