Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 14:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, yini ukuba ube njengomfokazi ezweni nanjengesihambi esingenisayo ukuba silale ubusuku nje na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka; kungani unjengomfokazi ezweni, nanjengesihambi esingenise ukufihla ikhanda busuku bunye na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 O themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, kungani uyakuba njengomfokazi ezweni nanjengomhambi ophambukela ukulala ubusuku bonke na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 14:8
25 Referans Kwoze  

O, themba lika-Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Bonke ababafumanayo babaqeda; abamelene nabo bathi: ‘Asitholi icala; ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.’


Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho, iKushe neSheba esikhundleni sakho.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; izulu nomhlaba kuyazamazama, kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.


Kumemezeleni, nikuveze; yebo, balulekane kanyekanye. Ngubani owakuzwisa lokhu endulo, wakumemezela kwasesikhathini samandulo na? Akusimina Jehova na? Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akakho ngaphandle kwami.


Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.


UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu,


Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”


Impela unguNkulunkulu ozifihlayo, wena Nkulunkulu, Msindisi.


Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


UJehova uyinqaba yocindezelweyo, uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.


Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?


Waphakamisa amehlo akhe, wabona isihambi esigcawini somuzi; ixhegu lase lithi: “Uyangaphi na? Uvelaphi na?”


Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami.


Wathi: “Nempela bangabantu bami, abantwana abangakhohlisi,” waba ngumsindisi wabo.


Maye, lukhulu lolo suku, alukho olunjengalo! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.


Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba; namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.


Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,


Jehova, yiba nomusa kithi, sihlalela wena. Yiba yingalo yethu ekuseni njalo, nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.


Jehova, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badlile ifa lamanga kuphela, okuyize, engekho kukho insizakalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite