Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 14:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “UJuda uyalila, amasango akhe adangele, ahlezi emhlabathini edabukile, nokukhala kweJerusalema kwenyukile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “UJuda uyalila, amasango akhe awile, balilela izwe; ukukhala kweJerusalema kwenyukele phezulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJuda uyalila, amasango akhe adanile; zimnyama phansi; ukukhala kweJerusalema kwenyuka.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 14:2
30 Referans Kwoze  

Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.


Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele; ngidabukile, ukumangala kungibambile.


Abantu abangafanga bashaywa ngamathumba; ukukhala komuzi kwenyukela ezulwini.


“ ‘Kwathi njengalokho wamemeza, bona bengezwanga, kanjalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘bayakumemeza bona, ngingezwa mina.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa.


Phambi kwabo abantu bayathuthumela, bonke ubuso buyaphaphatheka.


Amasimu achithekile, umhlabathi uyalila, ngokuba amabele achithiwe; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.


Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.


Isikhumba sethu siyasha njengeziko ngokushisa kwendlala.


Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo. Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.


Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu limnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho.”


Izwe liyalila, lidangele; iLebanoni linamahloni, liyabuna; iSharoni linjengehlane, iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.


Iwayini elisha liyalila, umvini uyahhuma, bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.


Umhlaba uyalila, ubune; izwe liyaphela amandla, linyamalale, abaphakemeyo bomhlaba badangale.


Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.


Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.


baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.


“Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.”


UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu, nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,


Kukhalwa ngewayini ezitaladini; yonke intokozo inyamalele; injabulo yezwe idlulile.


Basenze incithakalo; siyincithakalo, sikhala kimi; izwe lonke lichithiwe, kepha akakho okubeka enhliziyweni.


Izizwe zizwile ngehlazo lakho, umhlaba ugcwele ukukhala kwakho; ngokuba iqhawe likhubeka ngelinye, awa omabili kanyekanye.”


UJehova wayecebile ukuchitha ugange lwendodakazi yaseSiyoni; wawelula umucu wokulinganisa, akabuyisanga isandla sakhe ekuchitheni; wenza ukuba kukhale ugange nodonga, kudangale kanyekanye.


Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe, naphezu kwezintaba, naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha, naphezu kwamafutha, naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.”


Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi bezivini ngokolweni nangebhali,* ngokuba isivuno samasimu sichithakele.


Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite