Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Ngiyishiyile indlu yami, ngililahlile ifa lami, nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “Ngiyishiyile indlu yami, ngalilahla ifa lami, nginikele ngothandiweyo womphefumulo wami, esandleni sezitha zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyishiyile indlu yami, ngilishiyile ifa lami; nganikela othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:7
23 Referans Kwoze  

Ngokuba ushiyile abantu bakho, indlu kaJakobe, lokhu begcwele ezasempumalanga, behlola imihlola njengamaFilisti, bexhawulana nabantwana babezizwe.


“Othandiweyo wami unani endlini yami lapho enza amacebo nabaningi na? Inyama engcwele ingavela kuwe, lokhu ujabula ngokwenza okubi, na?”


“Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.


Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


ngiyakubutha zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati, ngahlulelane nazo khona ngenxa yabantu bami nesabelo sami u-Israyeli, ezibahlakazile phakathi kwezizwe, zabela izwe lami.


Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano;


Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu, okuhawukelwa ngumphefumulo wenu; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba.


Ngokuba o-Israyeli noJuda abashiywanga nguNkulunkulu wabo, uJehova Sebawoti, noma izwe labo ligcwele icala koNgcwele ka-Israyeli.


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.


ngiyakwenza kule ndlu ebizwe ngegama lami nenithemba kuyo, nakule ndawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo.


Umlahlile nokumlahla uJuda na? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na? Sihlalela ukuthula, kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.


Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona, ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”


“Nxa laba bantu, noma umprofethi, noma umpristi, bekubuza bethi: ‘Iyini indaba kaJehova?’ uyakubatshela ukuthi: ‘Yinina eniyindaba,’ nokuthi: ‘Ngiyakunilahla, usho uJehova.’


ngalokho ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle ebusweni bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nawoyihlo,


“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.


NgoBenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”


Ngiyakushiya insali yefa lami, ngiyinikele esandleni sezitha zayo, ibe yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo;


Wanikela abantu bakhe enkembeni, wathukuthelela ifa lakhe.


Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe; ifa lakhe laba yisinengiso kuye.


Kepha uma ningalaleli lawa mazwi, ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite