Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Uma ugijimile nemigundatshani, yakukhathaza, ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela, uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “Ugijime nemigundatshani, yakukhathaza, pho ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma ukhubeka ezweni eliphephile, uyakwenzenjani ehlozini eJordani na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uma ugijimile nabahamba ngezinyawo, bakukhathala, ungaqhudelana kanjani namahhashi na? uma benidinisile ezweni lokuthula enathembela kulo, niyakukwenza kanjani emagqumeni aseJordani na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:5
14 Referans Kwoze  

Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo,


Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.


Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


“Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho; onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.


Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova, ungakhathazeki ngokusola kwakhe.


nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani, izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna,


Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi, noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka-Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.


Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo bonke abantu, abapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: “Uyakufa nokufa.


Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.


“Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu base-Anathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: ‘Awuyikuprofetha ngegama likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu;’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite