Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kuyoze kube nini izwe ligagadekile, nemifino yonke yasendle ibuna na? Ngobubi babakhileyo kulo; izilwane nezinyoni kuyashabalala, ngokuba bathi: “Akayukusibona isiphetho sethu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Koze kube nini izwe lilila nezimila zensimu zibuna ngenxa yobubi babakhileyo na? izilwane zaqedwa nezinyoni; ngoba bathi: Kayikubona ukuphela kwethu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:4
22 Referans Kwoze  

Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Ngabuka; bheka, kwakungekho muntu; izinyoni zonke zezulu zazibalekile.


nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.


Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje;


Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Ukuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.


“ ‘Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.


Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


“UJuda uyalila, amasango akhe adangele, ahlezi emhlabathini edabukile, nokukhala kweJerusalema kwenyukile.


Abaprofethi bayakuba ngumoya, akakho okhulumayo kubo; kuyakwenziwa kanjalo kubo.”


Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu limnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho.”


Lokho ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi nginjengawe; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.


Basenze incithakalo; siyincithakalo, sikhala kimi; izwe lonke lichithiwe, kepha akakho okubeka enhliziyweni.


Yeka, ukububula kwezilwane! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile, ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.


Wathi: “UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”


Yayisithatha ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?”


Umhlaba uyalila, ubune; izwe liyaphela amandla, linyamalale, abaphakemeyo bomhlaba badangale.


Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba, nabakhileyo kuwo batholiswa icala; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa, kusale abantu abayingcosana nje.


Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite