Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha wena Jehova uyangazi, uyangibona, uvivinya inhliziyo yami ukuthi injani kuwe; bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kepha Wena Simakade uyangazi, futhi uyangibona, uhlola inhliziyo yami ukuthi injani kuwe. Bahudule njengezimvu ziyokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha wena Jehova uyangazi; Wangibona futhi wavivinya inhliziyo yami mayelana Nawe; Bakhumule njengezimvu zokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:3
23 Referans Kwoze  

Mababe namahloni abangizingelayo, kepha mina mangingabi nawo; baphele amandla bona, mina ngingapheli wona kodwa; behlisele usuku lobubi, ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.


“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


Nibusile emhlabeni, natamasa; ninonisile izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlaba.


Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona! Ngokuba usuku lwazo lufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwazo.


Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami,


Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


Bayakuwa bebulewe ezweni lamaKaledi, begwaziwe ezitaladini zalo.


Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile, izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Kepha, Jehova Sebawoti, ovivinya olungileyo, obona izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngikwambulele indaba yami.


UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.


Makuphele ukonakala kwababi, kepha olungileyo mawumqinise. Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.


Ngiyazi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.


Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,


Uyazi wena Jehova; ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ngokubekezela kwakho; yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi; okwaphuma emlonyeni wami kwakuphambi kobuso bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite