Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ubatshalile, futhi bagxila; bayakhula, futhi bathela izithelo; igama lakho lisezindebeni zemilomo yabo, kodwa izinhliziyo zabo zikude nawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wabatshala, yebo, banezimpande; bayakhula, yebo, bathele izithelo; Useduze emlonyeni wabo futhi ukude nezinso zabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:2
15 Referans Kwoze  

Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.


‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


“UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.”


Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.


“Uyakusho kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukudiliza, nalokhu engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, ezweni lonke.


Wayesethi kubo: “U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi: “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo, uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje,” usho uJehova.


Mina ngibonile isiwula sigxilile, kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.


Ngambona omubi oyisidlova ezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;


Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi, ungenakubheka ukuhlanekezela, ubhekelani abakhohlisayo, uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,


Bexoshwe emzini abafayo bayabubula; imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala, kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.


Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo, kepha bahhewula emibhedeni yabo; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite