Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 11:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehova wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle; ngomsindo wesidumo esikhulu uyakuphemba umlilo kuwo, kwaphuke amagatsha awo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 USimakade wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle. Kepha ngomsindo wesiphepho esikhulu, uyakuphemba umlilo kuwo, kuphuke amagatsha awo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJehova waqamba igama lakho ngokuthi: Umnqumo oluhlaza, omuhle nesithelo esihle; ngomsindo wesiyaluyalu esikhulu waphemba umlilo phezu kwawo, kwaphulwa amagatsha awo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 11:16
18 Referans Kwoze  

Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade.


Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe; bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.


Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.


Ngiyakunihambela njengezithelo zezenzo zenu, usho uJehova, ngiphembe umlilo ehlathini labo, uqede konke okungakhona.’ ”


Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo baphakamisa ikhanda.


Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.


Uyakuba neminqumo phakathi kwemikhawulo yakho yonke, ungazigcobi nokho ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka.


Yena uluhlaza phambi kwelanga; imixhantela yakhe iyaxhantela ensimini yakhe.


“ ‘Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.


Imixhantela yakhe iyakuxhantela, ubuhle bakhe bube njengomnqumo, iphunga lakhe libe njengeLebanoni.


Isandla sakho masibe phezu kwendoda yesokunene sakho, phezu kwendodana yomuntu ozikhulisele yona;


Mina ngakutshala ungumvini omuhle, imbewu elungileyo yodwa; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite