Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 11:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti* ama-altare, ama-altare okushisela uBali impepho.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngokuba ngangobuningi bemizi yenu, bangako onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wemigwaqo eJerusalema, angako ama-althare eniwamisele le nto enengekayo, ama-althare enishisela kuwo uBhali impepho.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngoba onkulunkulu bakho, Juda, babenjengomumo wemizi yakho; futhi ngokwenani lezitaladi zaseJerusalema namisa ama-altare ehlazweni, ama-altare okushunqisa uBhali.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 11:13
24 Referans Kwoze  

Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho, ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.


Izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezakhele u-Ashitaroti isinengiso samaSidoni, noKemoshi isinengiso sakwaMowabi, noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.


Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu.


Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomlilo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali, engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,


“ ‘Niyakweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nimshisele uBali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabazanga,


UBosheti* uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu, izimvu zabo, nezinkomo zabo, namadodana abo, namadodakazi abo.


Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe; bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo nakwekwenzileyo iminwe yabo.


“UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.”


Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala,


“Impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga enhliziyweni yakhe, na?


Ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi,” usho uJehova, “yena onikela ezindaweni eziphakemeyo noshisela onkulunkulu bakhe impepho.


wazakhela iqhugwane, wazenzela indawo ephakemeyo ezigcawini zonke.


“Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.


Nakuyo yonke imizi yakwaJuda, imizi ngemizi, wenza izindawo eziphakemeyo zokuba ashisele abanye onkulunkulu impepho, wamcunula uJehova uNkulunkulu wawoyise.


Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


“Isono sakwaJuda silotshiwe ngothi lwensimbi lokuloba; ngesihloko sedayimani* siqoshiwe ezibhebheni zezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu,


Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho, bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasendulo ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,


Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukuba babuye ebubini babo, bangashiseli abanye onkulunkulu impepho.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe; ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite