Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo ezweni ngalo mzuzwana, ngibacindezele ukuze bakuzwe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngalowo mzuzu ngiyozijwiba izakhamuzi zezwe, ngibacindezele ukuze bakuzwe lokho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakuxosha abakhileyo ezweni ngalesi sikhathi, ngibacindezele ukuba bakuthole kunjalo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:18
11 Referans Kwoze  

Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.


Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka, bathi: ‘Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina, na?’ ”


Bayakwazi ukuthi nginguJehova; angishongo ngeze ukuthi ngiyakwenza lokhu okubi kubo.


Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.


ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’


Siyakukuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izingange zakho owazethembayo ezweni lakho lonke, sikuvimbezele kuwo onke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.


Ngiyakukuzwibela kwelinye izwe, wena nonyoko owakuzalayo, lapho ningazalelwanga khona; niyakufela khona.


Ngiyakucindezela abantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.


“Bheka, uJehova uyakukulahla njengalokhu umuntu elahla, abambe nokubamba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite