Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Lapho ezwakalisa izwi lakhe, kukhona inqwaba yamanzi ezulwini, futhi ubangela ukuba inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenza umbani nemvula, akhiphe umoya engcebweni yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:13
23 Referans Kwoze  

Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.


“Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho,


UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo.


osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.


Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo.


yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo; bhekani, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.


Wayesethi u-Eliya ku-Ahabi: “Khuphuka, udle, uphuze, ngokuba kukhona umdumo wemvula enkulu.”


UMose wayeselula induku yakhe ngasezulwini; uJehova wathuma ukuduma nesichotho; nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wawisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.


Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva, uJehova owenza imibani, abesebanika izihlambi zemvula, yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.


Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi.


Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe; umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.


Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo, asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.’


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


Ngiyakwenze njalo kule ndawo, usho uJehova, nakwabakhileyo kuyo, ngenze lo muzi ube njengeThofeti:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite