Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, waleneka izulu ngecebo lakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:12
38 Referans Kwoze  

oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle;


Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha; wamisa amazulu ngokuqonda.


Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba – abakhile kuwo banjengezintethe – noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,


ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona;


Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.


Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula.


Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:


“E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo


Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa, ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe nokubenza badle amafa achithekileyo,


Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami silenekile izulu; lapho ngikubizayo, kuma ndawonye.


Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile.


Usho kanje uJehova uMhlengi wakho nowakubumba kwasesiswini, uthi: “NginguJehova owenza konke, oweneka izulu yedwa, nowendlala umhlaba ngokwakhe,


Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo, uthi:


Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.


Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?


Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi.


Yayakha indlu yayo engcwele njengezintaba nanjengomhlaba ewusekeleyo kuze kube phakade.


Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho; uphanyeka umhlaba phezu kweze.


ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu;


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.


Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi.


Ungeneka isibhakabhaka njengaye, esiqinile njengesibuko esibunjiweyo, na?


“Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.


Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Mina ngenzile umhlaba, nomuntu, nesilwane okukhona emhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo, ngiwunika lowo ofanele emehlweni ami.


Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu.


othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite