Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho kumelwe uthi kubo: Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayoshabalala emhlabeni nangaphansi kwaleli zulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:11
14 Referans Kwoze  

Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu.


ziphele izithombe, zithi nya.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni.


UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.


Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.


Ziyize, zingumsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.


Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.


Yambamba udrako*, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


Sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini; kwasala isidumbu sakhe kuphela.


Mina ngiyakumemezela ukulunga kwakho nemisebenzi yakho; kepha akuyikukusiza.


Ngiyakuphemba umlilo uyakuzishisa, athumbe onkulunkulu, embathe izwe laseGibithe njengomalusi embatha ingubo yakhe, aphume eGibithe ngokuthula.


Uyakwaphula izinsika zaseBeti Shemeshi elisezweni laseGibithe; izindlu zawonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.’ ”


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakuzichitha izithombe, ngiqede onkulunkulu eNofi; akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe, ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite