Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:10
69 Referans Kwoze  

“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?


Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


Ngibeka umoya wami esandleni sakho; uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.


UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.


Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,


bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi.


Uyema, uzamazamisa umhlaba; ubuka, uthuthumelisa izizwe; izintaba zaphakade ziyahlakazwa, namagquma amandulo akhothama yizindlela zakhe zaphakade.


Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziyakuqhekezeka njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni.


owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


Thuthumela, mhlaba, ebusweni beNkosi, ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe,


yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe.


Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele.


Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo; wena ukhona kwaphakade.


Ngubani owaziyo amandla entukuthelo yakho nolaka lwakho olunjengakho ukwesabeka kwakho na?


Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.


Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini; imibani yakhanyisa izwe; umhlaba wadikizela, wazamazama.


ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo;


Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho;


Abantu bonke sebekubonile lokho bawa ngobuso babo, bathi: “UJehova nguye onguNkulunkulu; uJehova nguye onguNkulunkulu.”


Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.”


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?”


“Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.


Ngokuba ngubani enyameni yonke ozwile njengathi izwi likaNkulunkulu ophilayo livela phakathi komlilo, waphila, na?


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”


Izintaba ziyakubona, zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.


UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?


Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.


“Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba “unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


Yeka ubuningi bezibonakaliso zakhe, namandla ezimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.


Indaba kaJehova anisayikuyikhumbula, ngokuba izwi lalowo nalowo muntu liyakuba yindaba yakhe, lokhu niwahlanekezele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, uJehova Sebawoti, uNkulunkulu wethu.


Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.


Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.”


INkosi iphumisa izwi; abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.


U-Abrahama watshala umtamariske* ngaseBeri Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade.


ukuba abantu bonke bomhlaba bazi ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu; akakho omunye.


UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo; uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.


umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.


Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni, zibalwa njengothuli lwesilinganiso; bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.


ukuze kuthi ozibusisa emhlabeni azibusise kuNkulunkulu weqiniso, nofunga emhlabeni, afunge uNkulunkulu weqiniso, ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami.”


Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye.”


Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama; onke amagquma anyakaza.


Ngomsindo wokuthathwa kweBabele umhlaba uyazamazama, ukukhala kuzwakale phakathi kwezizwe.


Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele, ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele emi okuba enze izwe laseBabele libe yincithakalo, kuze kungabikho ohlala khona.


Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.


Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga, athethe amacala ezizwe ngobuqotho.


Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakade eyenza insindiso emhlabeni.


Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula


Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.


Awazi yini? Awuzwanga na? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.


Uyakhulula, ophule; uyenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”


Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite