Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Yizwani izwi uSimakade alikhuluma kini, nina ndlu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli!

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:1
16 Referans Kwoze  

Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.


Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.


Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi: “ ‘Ungaprofethi ngo-Israyeli, ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.’


Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


yizwa manje izwi likaJehova wena nsali yakwaJuda; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma nibhekisa nokubhekisa ubuso benu ukuya eGibithe, nihambe ukuba nigogobale khona,


uthi: ‘Yizwa izwi likaJehova, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho nabantu bakho abangena ngalawa masango.


Zwanini izwi likaJehova nina ndlu kaJakobe, nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.


Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina bantu abadelelayo, enibusa laba bantu baseJerusalema.


Yizwani izwi likaJehova nina babusi baseSodoma, nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.


“Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma; Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.


UMikhaya wathi: “Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi: Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.


iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini, ngokuba abezizwe bezesaba.


Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani, nimlinganise namuphi umfanekiso, na?


“Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti, uthi: Ngingowokuqala, ngingowokugcina, ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite