Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ungabesabi ubuso babo, ngokuba nginawe ukuba ngikusindise,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 1:8
31 Referans Kwoze  

Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.


Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.”


Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;


UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.”


Wathi: “Ngizakuba nawe ngempela; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


ngokuba mina nginawe, akakho ozakukusukela, akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.”


Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


ngikophule esizweni nakwabezizwe engikuthumela kubo


Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Ngakho-ke ningabesabi; ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa nokufihliweyo okungayikwaziwa.


Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.


“Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.


“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?


engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”


Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova, ‘ukuba ngikusindise, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda, kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’


UNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:


Ningayesabi inkosi yaseBabele eniyesabayo; ningayesabi, usho uJehova, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginophule esandleni sayo.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awachithwanga; ukubonakala kweyesine kunjengendodana yawonkulunkulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite