Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Izwi likaSimakade lafika kuye ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni inkosi yakwaJuda, ngonyaka we-13 wokubusa kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 1:2
18 Referans Kwoze  

Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.


Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi:


Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”*


Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi:


Kwathi besahlezi etafuleni, izwi likaJehova lafika kumprofethi owambuyisa;


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo onke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube namuhla.


“Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.”


Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzela inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.


Walibiza i-altare ngezwi likaJehova, wathi: “Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide, nguJosiya igama lakhe; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.’ ”


UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe, insimu ka-Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Kwathi ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya inkosi yathuma uShafani indodana ka-Asaliya kaMeshulamu, umbhali, endlini kaJehova, yathi:


UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi: “Ubonile okwenziwe ngu-Israyeli ohlehlayo na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.


Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, uHananiya umprofethi eselaphulile ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, lithi:


Izwi likaJehova elafika kuJoweli indodana kaPhethuweli.


Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka-Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite