Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 1:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 “Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wena-ke bopha izinkalo zakho, usukume, ukhulume kubo konke engikuyala ngakho; ungethuki ebusweni babo, funa ngikwenze ube namahloni phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 1:17
26 Referans Kwoze  

Isandla sikaJehova sasiku-Eliya; wabopha ukhalo lwakhe, wagijima phambi kuka-Ahabi, waze wafika ekungeneni kwaseJizreyeli.


Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.


“Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha.


Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova.


Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.


Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise.


Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.


nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu,


Wathi: “Ngizakuba nawe ngempela; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!


“Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.”


Mababe namahloni abangizingelayo, kepha mina mangingabi nawo; baphele amandla bona, mina ngingapheli wona kodwa; behlisele usuku lobubi, ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.


Wayesethi kuGehazi: “Bhinca izikhali zakho, uthathe udondolo lwami ngesandla sakho, uhambe; uma uhlangana nomuntu, ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela, ungamphenduli, ubeke udondolo lwami ebusweni bomntwana.”


Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu.


U-Elisha umprofethi wabiza enye yamadodana abaprofethi, wathi kuyo: “Khwica, uphathe lo mfuma wamafutha esandleni sakho, uye eRamoti Gileyadi.


Ingelosi kaJehova yathi ku-Eliya: “Yehla naye, ungamesabi.” Wasuka wehla naye, waya enkosini.


Ngokuba bheka, ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo, nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke, nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe.


“Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.


Wayesesho uJeremiya kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu, ethi: “UJehova wangithuma ukuprofetha ngale ndlu nangalo muzi onke amazwi eniwezwileyo.


UBaruki indodana kaNeriya wenza njengakho konke uJeremiya umprofethi amyala ngakho, efunda encwadini amazwi kaJehova endlini kaJehova.


Wasondela ngosuku lokubiza kwami, wathi: “Ungesabi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite