Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, omunye wabaphristi ababese-Anathothi ezweni lakwaBhenjamini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Amazwi kaJeremiya indodana kaHilikiya wabapristi base-Anathoti ezweni lakwaBenjamini:

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 1:1
23 Referans Kwoze  

izwi likaJehova lafika kuHezekeli umpristi, indodana kaBuzi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari. Isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.


“Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu base-Anathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: ‘Awuyikuprofetha ngegama likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu;’


ukuba ligcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, lize laneliswe izwe ngamasabatha alo sonke isikhathi liyincithakalo laligcina isabatha kuze kugcwaliswe iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


nasesizweni sakwaBenjamini, iGeba namadlelo alo, ne-Alemeti namadlelo alo, ne-Anathoti namadlelo alo. Yonke imizi yawo ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu.


U-Amasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwa-Israyeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe.


Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.


Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.


Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.


Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngoJeremiya umprofethi ukuthi:


Bathi: “Abanye basho uJohane uMbhapathizi; abanye basho u-Eliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaprofethi.”


Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli;


Inkosi yathi ku-Abiyathara umpristi: “Hamba uye e-Anathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa, kepha angiyikukubulala namuhla, ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba, wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho.”


Naye uJeremiya wamlilela uJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.


Wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe; akazithobanga phambi kukaJeremiya umprofethi womlomo kaJehova.


Ngomnyaka wokuqala kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba kufezeke izwi likaJehova, ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:


Zamuluka ngezwi lakho, ndodakazi yaseGalimi; qaphela, Layishi, yiphendule, Anathoti.


manje awumsolanga ngani uJeremiya wase-Anathoti, oprofetha kini na?


ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli ngaqonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema, iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:


uJeremiya waphuma eJerusalema ukuba aye ezweni lakwaBenjamini ukuthola khona isabelo sakhe phakathi kwabantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite