Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kepha ningalokothi nidle inyama enegazi, ngokuba umphefumulo usegazini layo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kepha inyama enomphefumulo wayo, okuyigazi layo, aniyikuyidla.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 9:4
15 Referans Kwoze  

Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.


Kuphela igazi lalo awuyikulidla; lithululele emhlabathini njengamanzi.


Kuphela igazi aniyikulidla; uyakulithulula emhlabeni njengamanzi.


kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.


Ningadli naliphi igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo, nakuyiphi yezindlu zenu.


zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle. Salani kahle.


“ ‘Kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke zokuba ningadli amanoni nagazi.’ ”


Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akulahlwa lutho, uma kwamukelwa ngokubonga,


“ ‘Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.


kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu,


“Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle, noma uthengise ngakho kowezizwe, ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


Abantu batheleka empangweni, bathatha izimvu, nezinkabi, namankonyane, bakubulalela phansi; abantu bakudla kanye negazi.


Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite