Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 9:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 UShemu noJafethi bathatha ingubo bayibeka emahlombe abo, bahlehla nyovana, bangena, babufihla ubunqunu bukayise. Babufulathelisa ubuso babo ukuze bangabuboni ubunqunu bukayise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 OShemi noJafete bathatha ingubo, bayibeka emahlombe abo bobabili, bahlehla nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo bubheke emuva, ababonanga ubunqunu bukayise.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 9:23
11 Referans Kwoze  

Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;


Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.


Icala eliqondene nelunga ungalemukeli, kungekho ofakazi ababili noma abathathu.


Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.


Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu,


Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.


“ ‘Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.


UHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo bobabili bengaphandle.


UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite