Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 9:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Konke ngikwethula ezandleni zenu: izinyoni zezulu nezilwane zonke zomhlaba, nezilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinhlanzi zolwandle; kuyakwehlelwa wuvalo, kunesabe, kuthuthumele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukwesabeka kwenu kuyakuba phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi zolwandle; zinikelwe esandleni sakho.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 9:2
16 Referans Kwoze  

Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu;


UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”


Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.


“ ‘Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.


“ ‘Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa muntu; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini.


Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.


UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.


Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.


UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.


UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba.


Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.


UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”


Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite