Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 9:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 nakuzo zonke izilwane eziphilayo ezinani: izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni enaphuma nazo emkhunjini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 nazo zonke izidalwa eziphilayo ezikini, izinyoni, nezinkomo, nezilwane zonke zomhlaba ezikanye nani; kubo bonke abaphuma emkhunjini, kuzo zonke izilwane zomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 9:10
11 Referans Kwoze  

mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”


UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.


UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini. UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba, amanzi abohla.


“Bhekani, mina ngiyamisa isivumelwano sami nani nenzalo yenu emva kwenu,


Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.”


Zonke izilwane, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo, nazo zonke izinyoni, konke okuhamba emhlabeni ngezinhlobo zakho kwaphuma emkhunjini.


Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube ngumkami; uyakumazi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite